Imibuzo Ejwayelekile Ukubuzwa

Qalisa / Ukuqalisa

Ezokweseka

Uma udinga usizo noma ufuna ukuxhuma nethimba lakwa-Ayoba, sicela uye ku

Ayoba.me/contact

Ukwethula Nokufakwa

Ngiyethula kanjani i-Ayoba?

Ungavakashela i-website yakwa-Ayoba ukuze wethule i-app nganoma isiphi isikhathi. Uma ungumsebenzisi we-MTN uzokwazi ukwethula i-Ayoba mahhala, ngaphandle kokusebenzisa i-data yakho.

  • Google Play store

Ungakwazi ukuphinde wethule i-Ayoba ku-Google Play Store. Vele uvule i-Play Store, ucinge i-Ayoba bese uyayethula ukuze uqale usebenzise i-Ayoba.

Ngiyibuyekeza kanjani i-Ayoba?

Ayoba ingabuyekezwa ku-Google Play Store noma

I-Ayoba App okwamanje itholakala kuphela ezingcingweni ezisebenzisa i-Android (ezinye izebuyekezo ziyeza maduzane!). Ukubuyekeza, iya ku-Google Play Store, bese ucofa Menu > My apps & games.

Cofa u-UPDATE eduze kuka‘Ayoba! Imilayezo Yamahhala Ngokushesha’.

Ngenye indlela, iya ku-Play Store bese ucinga i-Ayoba. Cofa u-UPDATE ngaphansi kuka‘Ayoba! Imlayezo Yamahhala Ngokushesha.’

Kwi-website ka-Ayoba

Ungakwazi ukuphinde ubuyekeze i-Ayoba app yakho kwi-website yethu, vele uvakashele Ayoba.me/download

Uyifaka kanjani kabusha i-Ayoba?

Ukuze uyifake kabusha i-Ayoba app, kumele uqale uyisuse ocingweni lakho. Ngaphambi kokuba wenze kanjalo, sisikisela ukuthi wenze isipele sezingxoxo zakho. Vele ucofe i-menu button, bese ukhetha u-Settings, bese ucofa ku-Maintenance bese ukhetha u-Chat Backup.

Lokhu kuzogcina izingxoxo zakho ngokuphepha kwi-Cloud, kuphinde kukuvumele ukuthi ukwazi ukuthola umlando wezingxoxo zakho uma kudingeka. Qaphela ukuthi ama-backups awagcinwa ekwi-device yakho, ngakho uzodinga ukuxhumeka kwi-internet ukuze wenze i-backup.

Sicela ulandele lezi zinyathelo ukususa uphinde ufake i-Ayoba:

Inketho 1:

  • Thinta ubambe i-icon ka-Ayoba kwi-Home Screen aze aqala ukunyakaza ama-icon
  • Cofa u-X ekhoneni le-icon ka-Ayoba
  • Cofa u-Delete ukususa i-application kanye nayo yonke i-data yakhona
  • Cofa i-Home button
  • Yethula kabusha i-Ayoba ku-Google Play Store.
  • Buyisela i-Chat Backup yakho ngokucofa i-menu button, bese ukhetha u-Settings, bese ucofa ku-Maintenance bese uketha u-Chat Backup, bese uyabuyisela.
  • Ungakwazi nokuvakashela i-website ka-Ayoba ukuze wethule i-app nganoma isiphi isikhathi.
  • Uma ungumsebenzisi we-MTN uzokwazi ukwethula i-Ayoba mahhala*, ngaphandle kokusebenzisa i-data yakho.

*Ngesikhathi sephromoshini kuphela.

Inketho 2

  • Thinta ubambe i-icon ka-Ayoba kwi-Home Screen bese uyayidonsa uyidedele emgqomeni/emgqomeni wokukhipha
  • Khetha ukukhipha ukuze uqinisekise ukusula ukuze ususe i-application kanye nayoyonke i-data yakhona.
  • Cofa i-Home button
  • Yethula kabusha i-Ayoba ku-Google Play Store.
  • Buyisela i-Chat Backup yakho ngokucofa i-menu button, bese ukhetha u-Settings, bese ucofa ku-Maintenance bese uketha u-Chat Backup, bese uyabuyisela.
  • Ungakwazi nokuvakashela i-website ka-Ayoba ukuze wethule i-app nganoma isiphi isikhathi.
  • Uma ungumsebenzisi we-MTN uzokwazi ukwethula i-Ayoba mahhala*, ngaphandle kokusebenzisa i-data yakho.

*Ngesikhathi se-promotional

Ukuqinisekiswa

Ngiyaqinisekisa kanjani i-nombolo yami?

Uma usuyethulile i-app, ivule bese ulandele lezi zinyathelo:

  1. Faka igama lakho eliphelele
  2. Khetha izwe lakho ku-drop-down list. Lokhu kuzogcwalisa i-code yenombolo yocingo yezwe lakho ngokuzenzakalelayo
  3. Faka inombolo yakho yocingo ebhokisini elingezansi
  4. Cofa u-verify ukuze ufake isicelo se-code
  5. Faka i-code enezinombolo eziwu-6 ozoyithola nge-SMS

Angiyitholanga i-code enezinombolo eziwu-6 nge SMS

  • Linda i-countdown timer ize iqede bese ukhetha u-Send SMS futhi.
  • Ungayiqageli i-code, ngoba uzovalelwa ngaphandle kwi-account yakho isikhathi esithize. Le indlela yokuqinisekisa ukhuphepha ngokuvimba ukuthi i-account yakho ingafinyelelwa omunye umuntu.

Uma izinkinga ziqhubeka, sicela uzame lokhu okulandelayo:

  • Qala kabusha ucingo lakho (Ukuqala kabusha ucingo lakho, lucishe, ulinde imizuzwana ewu-30, bese uyayivula futhi).
  • Susa bese uphinde ufaka kabusha isibuyekezo zakamuva sika-Ayoba.

Ngingakwazi ukusebenzisa i-Ayoba kuma-device amabili?

I-account yakho ya-Ayoba ingakwazi ukuqinisekiswa ngenombolo eyodwa kwi-device eyodwa. Uma unocingo olufaka ama-SIM amabili, sicela uqaphele ukuthi kumele ukhethe inombolo eyodwa ukuqinisekisa ne-Ayoba. Ayikho inketho yokuba ne-Ayoba account ngezinombolo ezimbili.

Kumele yini ngiphinde ngibhalise uma ngikhiphe ngaphinde ngafaka i-app?

Cha akumele. Udinga kuphela ukwethula i-Ayoba ku-Google Play Store futhi noma ku-Ayoba.me/download. Faka igama lakho, ukhethe izwe lakho ku-drop-down menu, ufake inombolo yakho yocingo bese ukhetha ‘Qinisekisa’.

Qaphela: uma wakhe isipele somlando wezingxoxo zakho ngaphambi kokususa i-app nokuyifaka futhi, umlando wezingxoxo zakho uzobuyiselwa ngokuzenzakalelayo.

Ukusebenzisa I-Ayoba

Ukuphathwa kwe-akhawunti nePhrofayli

Ngifaka noma ngibuyekeza kanjani isithombe sami sephrofayli?

Uma ungaka khethi isithombe sakho sephrofayli:

  1. Vula i-menu phezulu ngakwesokunxele kwe-App.
  2. Thinta inkinobho yokuhlela
  3. Thinta isithombe sephofayli > inkinobho yekhamera
  4. Khetha isithombe kusigcinimifanekiso sakho ukuze usisebenzise njengeProfile Photo yakho.

Uma usuvele unaso isithombe sephrofayli esikhona:

  1. Vula i-menu phezulu ngakwesokunxele kwe-App
  2. Thinta isithombe sakho seprofayli noma inkinobho yokuhlela
  3. Uma ukhetha inkinobho yokuhlela, kumele uthinte isithombe sakho sephofayli > inkinobho yekhamera
  4. Khetha isithombe kusuka kusigcinimifanekiso sakho ukuthi ushintshe isithombe sakho sephrofayl esikhona manje.

Ngingakwazi ukubuyekeza igama lami eliboniswayo?

  1. Vula i-Menu phezulu ngakwesokunxele kwe-App
  2. Thinta igama lakho eliboniswayo noma inkinobho yokuhlela bese hlela noma faka igama lakho eliboniswayo elisha

Ngifaka noma ngibuyekeza kanjani umlayezo wami wesimo?

  1. Vula i-menu phezulu ngakwesokunxele kwe-App
  2. Thinta i-status sakho noma inkinobho yakho yokuhlela
  3. Faka isimo esisha bese khetha inkinobho yophawu noma khetha isimo kusuka kuhlu lwezimo zakho ezidlule

Qaphela: Uma uvimbela oxhumana naye, loyo muntu angeke akwazi ukubona isithombe sephrofayl noma umyalezo wakho wesimo.

Ngiyicisha kanjani i-akhawunti yami?

Kunezinyathelo ezimbalwa ezilula ekumele uzilandele uma ufuna ukucisha i-akhawunti yakho. Qaphela ukuthi lenqubo ayikwazi ukuguqulwa ngaphansi kwa noma yiziphi izimo, ngisho nayiqembu lwe-Ayoba, ngakho-khe iba nesiqiniseko sokuthi ufuna ukuwenza lokhu.

Landela lezimo ezine:

  1. Vula i-App ye-Ayoba
  2. Vula i-menu phezulu ngakwesokunxele kwe-App
  3. Izilungiselelo phezulu > Ukugcinwa > Cisha i-akhawunti yakho
  4. Qinisekisa ngokucindezela u-OK

Ukucisha i-akhawunti yakho kuzo:

  • Cisha i-akhawunti yakho ye-Ayoba unomphela
  • Sula umlando womyalezo wakho
  • Kususa kuwonke amaqembu we-Ayoba

Ezinye izinto ezibalulekile okumele uziqaphele:

  • Angeke ukwazi ukufinyelela i-akhawunti yakho
  • Ukucisha i-akhawunti yakho akuthinti ulwazi nemininingwane abanye abasebenzisi abanalo ngawe, njengezifaniselo ezemiyalezo obathumele zona.
  • Izifaniselo ezezinye izinto (ngokwe sibonelo ama-log records) angaze ahlale kwizisinda zemininingwane yethu kodwa zihlukanisiwe kuma-personal identifier.

Ngingakwazi ukusebenzisa i-Ayoba kwiselula yami?

Uma ushintsha amaselula kodwa usa sebenzisa inombolo efanayo, uzokwazi ukugcina imininingwane ye-akhawunti yakho. Lamininingwane yakho ibophezelwe lunombolo yakho yeselula.

Uma ushintsha amaselula kodwa ushintsha nenombolo yeselula, dawuniloda i-Ayoba kuselula yakho entsha bese qinisekisa inombolo yeselula entsha.

Ngishintsha kanjani ulimi ku-Ayoba

Uku shintsha ulimi lweselula yakho:

i-Android: Iya kuzilungiselelo zeselula yakho > Uhlelo > Izilimi nokufaka > Izilimi. Thinta bese khetha ulimi.

Uma usebenzisa iselula ye-Android, ungakwazi ukushintsha ulimi lwe-Ayoba kuyo i-App. Ukwenza kanjalo, thinta u-Menu bese khetha izilungiselelo ukhethe futhi i-maintenance.

Intengo / Izindleko

Intengo ya-Ayoba kubasebenzisibayo.

Kubiza kanjani ukuthumela imilayezo nama fayela kwa-Ayoba?

I-Ayoba isebenzisa uxhumano jikelele lwefoni yakho okuyi (4G/3G/2G/EDGE or Wi-Fi) ukuze ithumele futhi yamukele imilayezo kubangani bakho kanye nomundeni wonke. Ukubiza kokusebenza kwe-Data lakho kulele kuy’nhlobo ye-subscription onayo ne-service provider yakho(oletha izinsiza). Kumele futhi wenze isiqiniseko sokuthi awukayidluli i-limit yakho yama-data. Kwesinye isandla, ungasebenzisa i-Ayoba uxhume ku-Wi-Fi okungenzeka kube mahala kuwena.

Ayoba usuxhumene noMTN, okuwu opharetha weselula ohamba phambili ezweni lase Afrika, kuze unikeze i-Data yamahala yakwaAyoba kubasebenzisi bakwa MTN. Lokhu kusho ukuthi abasebenzisi beMTN bengathumela imiyalezo, izithombe, amavidio kanye nokunye ngaphandle kokukhokha okuthe xaxa uma besebenzisa i-Ayoba App.

*lokhu kwenzeka ngesikhathi sokuphromotha.

Kubiza kanjani ukufona kwaAyoba.

Ungashayela ucingo kunoma ubani othintana naye ku-Ayoba app yakho. Ucingo ludla ngendlela ejwayelekile ku-Airtime yakho okanye isebenzise imizuzu yamahala uma unayo. Okubalulekile, ukushaya ucingo phakathi ku-Ayoba app akusebenzisi amaData akho futhi akukho mahala.

Intengo kulabo abangasebenzisi uAyoba.

Ingabe kubalulekile yini ukuthi ngibe ne-App yakwa-Ayoba ukuze ngikwazi ukuthola ngamukele imiyalezo evela kubangani nabomndeni abasebenzisa i-Ayoba?

Ayoba isebenza kahle kakhulu uma isetshenziswa abantu abanayo bobabili i-app yakwa Ayoba. Sekushiwo lokho, sesithathe isinyathelo esithe xaxa ukuze sikwazi ukuhlanganisa wonke umuntu, futhi kunjengamanye amaApp ezokuxhumana, ukwazi ukuthinta nanoma ubani ngisho engabe abanayo iApp yakwaAyoba.

Imilayezo ethunyelelwe isuka kuAyoba app iyakumuntu ongayisebanzisi iApp, izohamba ifike kulowomuntu njengeSMS, leSMS izophatha ama-links azomushiza ukuthi avule amafayela athunyelelwe wona, awavule kwi-browser.

Emazweni angaphandle amaningi, ubandakanyo lwethu noMTN lusho ukuthi uma umuntu othintana naye engowakwa MTN, ukwazi ukukuphendula imilayezo yakho ngeSMS futhi wena uzoyithola ukwazi ukuphendula ngaphandle kwenkathazo uma ungowakwaAyoba. Ubandakanyo lwethu noMTN futhi luqinisekisa ukuthi onke lamaSMS athunyelwa mahala.

Kodwa-ke, uma umuntu oxhumana naye engekho kwaMTN, usazoqhubeka akwazi ukuthola imiyalezo yakhe ethunyelwe kwiApp yakwaAyoba ngeSMS, kodwa ngeke besakwazi ukuziphendulela kulomyalezo abaqeda kuwuthola. Bazokwaziswa ngalokhu kulinganiselwa.

Okungayisixazululo esisobala futhi esilula ukuthi othintane naye avele azithulele ngokwakhe i-app yakwaAyoba.

Kubiza kanjani uma ngingenayo iApp ocingweni lwami?

Uma usebenzisa uMTN ungenaye uAyoba ocingweni lwakho uzokwazi ukuqhumeka uphendule imiyalezo othunyelwe yona evela kwaAyoba futhi amaSMS wakho azobe esemahala.

Uma ungasiyena womunye abasebenzisa uMTN, uthola iSMS evela komunye wakwaAyoba kodwa ungakwazi ukuphendula. Zitholele iApp yakwaAyoba kuPlay Store uthokozele zonke izinzuzo zakwaAyoba, noma uyethule lapha: Ayoba.me/download.

Kukhona amaData yamahhala kulesi sikhathi sokuphromotha uma kusetshenziswa njengenjwayelo. Uma ungumusebenzisi weMTN, usangayethula iApp yakwaAyoba mahala, njengamanje ku-Ayoba.me/download noma uvakashele kwaGoogle Play Store.

Ukuphepha

Ingabe kuphephile yini ukusebenzisa i-Ayoba?

Ukugcina imininingwane yakho iphephile nokuqinisekisa ukuthi iyimfihlo, i-Ayoba isebenzisa inqubo yeqophelo eliphezulu ukuvikela imininingwane yakho. Lokhu kusho ukuthi uwena wedwa (nabantu okhulumisana nabo) okwazi ukubona ukuthi yini oyithumele. Akekho omunye umuntu okwazi ukufunda imilayezo yakho, ngisho nethimba lakwaAyoba imbala.

Asisayiphathi eyokuthi asisoze sinikeze omunye umuntu imininingwane yakho ngaphandle kwemvume yakho. Uyakwazi ukulawula ezemfihlo zakho phakathi kwi-App ngokucindezela ukulawulwa kwemiyalezo, mese ukhetha ezemfihlo. Siyaye siqhuqhuzele ukuthi ubheke i-policy yethu yezemfihlo ku-Ayoba.me/termsandconditions

Izincingo ezilahlekile nezintshontshiwe.

Ucingo lwami ulahlekile noma lutshontshiwe, ngenzenjani?

  • Uma ucingo lwakho lulahlekile noma lutshontshiwe, siyakwazi ukuthi sivekele imininingwane yakho igcineke kubantu abangavumelekile ukuyibona. Sicela ulandele izinyathelo ezingezansi:
  • Siyaqhuqhuzela futhi ukuthi ushayele ucingo i-service provider yakho ngokushesha ukuze ukhiye isimukhadi yakho ukuvimbela ongahle azame ukuthola imininingwane yakho. Uma ikhadi lakho selikhiyiwe, angeke ukwazi ukusiqinisekisa ukuthi nguwe umunini we-Account yakwa-Ayoba ngaleyo nombolo ezobe isivaliwe ngoba kuzomele uthole i-SMS ukuze uqedele ukusiqinisekisa ukuthi unguye lona othi unguye.

Zimbili izinyathelo ongazithatha:

  • Ungasebenzisa isimukhadi entsha enenombolo efanayo ukuvuselela u-Ayoba ocingwenilakho olusha. Iyona ndlela esheshayo lena ukuvala I-account yakho uma ucingo lulahlekile. I-Ayoba ikwazi kuphela ukusebenza ngenombolo eyodwa ocingweni olulodwa ngesikhathi.
  • Thintana nathi ku-Ayoba.me/help mese ugcwalisa ukuthi “lulahlekelwe noma lutshontshelwe ucingo, ngicela kuvalwe i-account yami.” bese ubhala inombolo yakho ngokugcwele ngendlela ozokhonjiswa ngayo.

Qaphela:

Kubalulekile ukuthi ukhumbule ukuthi noma ngabe isimukhadi yakho usivalile, uma ngabe umuntu ekwazi ukuvula ucingo lwakho kanti enayo indlela yokuxhuma ku-Wi-Fi, loyomuntu usengakwazi ukusebenzisa i-Ayoba app yakho. Ithimba lakwa Ayoba alinayo indlela yokuvala i-App yakho ngoba esocingweni. Ngakhoke sinxusa ukuthi usithinte ngokuphuthuma uzosicela ukuthi sivale i-account yakho ngokukhulu ukuphuthuma.

Khumbula ukuthi njengoba ithimba lakwaAyoba lingayazi ukuthi likuphi nendawo ucingo lwakho, asikwazi ukukusiza ukuthi siyifune siyithole. Ucingo lwakho lungahle lube nenye iApp elizokwazi ukukusiza ukuluthola ucingo lwakho kwenye i-device.

Uma ukwazile ukuvikela imiyalezo yakho ngaphambi kokuthi kulahleke ucingo lwakho, uyakwazi ukuthi uphinde ubuyise imilayezo yakho emidala.

  • Ukuvikelwa kwemiyalezo kwenzeka njalo emva kwamahora ayi-24, lokhu kusebenza nge-internet.
  • Abasebenzisi abakwazi ukuvula noma bevale ukuvikelwa kwemiyalezo.
  • Abasebenzisi bakwazi kuphela ukwakha uhlu olusha lokuvikela imilayezo ngokuthi bathi “Menu” > “Settings” > “Maintenance” > “Chat Backup”.
  • Yonke i-account inesipele semiyalezo esisodwa, uma ukhanda esisha, esidala siyavaleka kusebenze esisha.
  • Izipele ziqala ukusebenza emva kokuqinisekiswa kwe-OTP.

Ukuphepha kwakho

Ngiyakwazi yini ukubika uma imilayezo iqukuthe okungafanelekile?

Sihlezi sifuna ukuqinisekisa ukuphepha kwakho, sicela ubike konke okungafanelekile ku-Ayoba.me/contact, ebese ucindezela “bika okuqukethwe okungafanelekile.”

Sizobe sesenza ucwaningo sithathe nezinyathelo esifanelekile.

Sicela wazi ukuthi singangakwazi ukukukhombisa konke esikutholayo kucwaningo kodwa sifisa wazi ukuthi silwenza ngokujulile ucwaningo.

Ngiyakwazi yini ukubika okungafanelekile ngomunye wabasebenzisi?

Siyazigqaja ngokuphepha kwabasebenzisi bethu bonke ngokulinganayo, sicela uvakashele i-Ayoba.me/contact ebese ukhetha “bika osebenzisayo.” Sizobe sesenza ucwaningo sithathe nezinyathelo ezifanelekile.

Sicela wazi ukuthi singangakwazi ukukukhombisa konke esikutholayo kucwaningo kodwa sifisa wazi ukuthi silwenza ngokujulile ucwaningo.

Ukuncokola Ku-Ayoba

Ngiyakwazi ukuphisana ngemininingwane yokuthintana yabantu engibaziyo nabanye abantu engikhuluma nabo ku-Ayoba?

Yebo uyakwazi! Sebenzisa + (isithombe sokuqala inkulumo entsha) khona uzoqala inxoxo entsha, ebese uthinta ibhathini lokunamathiselwe, manje usungathinta inombolo ofuna ukuthumela, ebese ukhetha umuntu ofuna ukuthumela kuye.

Ngiyakwazi yini ukuthumela izithombe ku-Ayoba?

Thumela izithombe zakho kalula no-Ayoba. Sebenzisa + (isithombe sokuqala inkulumo entsha) khona uzoqala inxoxo entsha, ebese uthinta ibhathini lokunamathiselwe, bese ukhetha isithombe ofisa ukusithumela ku-Gallery. Uyakwazi futhi ukushutha bese uthumela ngaso elosikhathi.

Ngiyakwazi yini ukuthumela indawo engikuyo kwa-Ayoba?

Thumela indawo okuyo nabantu othintana nabo kalula ngokusebenzisa + (isithombe sokuqala inkulumo entsha) khona uzoqala inxoxo entsha, ebese uthinta ibhathini lokunamathiselwe, ukhethe indawo ebese uyayithumela.

Ngiyakwazi yini ukuthumela imilayezo yezwi ku-Ayoba?

Yebo uyakwazi ukuthumela imilayezo yezwi imfishane ngokuthinta ibhathini lombhobho elisekhoneni lakwesokudla. Uyakwazi futhi ukusebenzisa + (isithombe sokuqala inkulumo entsha) khona uzoqala inxoxo entsha, ebese uthinta ibhathini lokunamathiselwe, bese uthinta ibhathini lombhobho uqophe umyalezo wakho.

Ngidinga ukuthumela ifayela, ngingawusebenzisa yini u-Ayoba?

Thumela amafayela ngokusebenzisa + (isithombe sokuqala inkulumo entsha) khona uzoqala inxoxo entsha, ebese uthinta ibhathini lokunamathiselwe, ukhethe ifayela lakho ulithumele.

Ngiyiphendula kanjani imiyalezo?

Thinta umyalezo ofisa ukuwuphendula, ebese uthinta lapha okubhalwa khona, uzobe usuyabhala ebese uthumela umyalezo. Kulula kanjalo nje.

Ngiyakwazi yini ukudlulisa imilayezo kubantu engikhuluma nabo ku-Ayoba?

Uyakwazi ukudlulisa imilayezo, amaculo, amafayela ngokuthinta ubambe lowomyalezo ebese uthinta ibhathini lokudlulisa lapha phezulu kwesokudla, ukhethe ofisa ukumuthumelela bese uyayithumela. Uzobe nawe usuthola umyalezo oshoyo ukuthi sewudlulise umyalezo

Ngiyikhipha kanjani imiyalezo emidala nengafuneki?

Uzothinta ubambe umyalezo ongawufuni, ebese uthinta ibhathini lomqhomo bese uyaqinisekisa ukuthi uyawukhipha lowo myalezo.

Ngiyakwazi yini ukufaka imilayezo ku-archive?

Chabo, u-Ayoba awukuvumeli ukuthi ususe imilayezo uyifake ku-archive (okwamanje). Uma ufuna ukususa imiyalezo, uyisusa ngokukhipha unomphela. Okusho ukuthi ngeke usayibona.

Ngiyakwazi yini ukuhlela izinkulumo zami ngendlela ehlukile?

Izinkulumo zakho zihlezi zihlelwe ngokuthi iyiphi ekade ugcina ukukhuluma kuyo, izona ezizovela phezulu. Awukwazi ukuzishintsha (okwamanje).

Ngiyakwazi ukukhipha izinkulumo?

Efonini yakho, uzothinta ubambe umyalezo ongawufuni, ebese uthinta ibhathini lomqhomo. Uzobe usuyaqinisekisa ukuthi uyawukhipha lowomyalezo.

Ngiyiqamba kanjani ingxoxo yeqembu futhi ngimeme abangani bami?

Uzothinta ibhathini lenxoxo entsha, bese ukhetha ukuthi obani ofisa ukubafaka eqembini lakho. Manje okusele ukuthi uqale inxoxo phakathi kwenu.

Kwenziwanjani uma ngifuna ukuzikhipha engxoxweni yeqembu ocingweni lami?

Uyakwazi ukuphuma eqembini nanoma ingasiphi isikhathi, uzothinta ubambe iqembu, bese ukhetha ukuthi ufuna ukuhamba eqenjini, uzobe usuqinisekisa ukuthi uyaphuma.

Kwenziwanjani uma ngifisa ukukhipha iqembu lonke?

Uzothinta ubambe iqembu, ukhethe ibhathini lomqhomo, ebese uyaqinisekisa ukuthi uyalikhipha iqembu.

Okunye awukwazi ukudilitha yonke imilayezo eqenjini, imilayezo izophuma kweyakho ifoni kuphela.

Wenzani umnini weqembu kahle kahle?

Umnini weqembu ukwazi ukulisungula iqembu, ebese akhethe ukuthi obani abangena futhi nabaphumayo eqenjini.

Uyakwazi yini ukwenza omunye umuntu ukuthi abe wumunikazi weqembu naye?

Ukulawula akukwazi ukudluliselwa kwabanye abantu kwa-Ayoba.

Kuyakwazi yini ukuthi kube nabanikazi beqembu abaningi?

Akukwazi ukuthi kube nabanikazi beqembu abaningi.

Ngisanda kufakwa eqenjini, ngiyakwazi yini ukubona imiyalezo emidala yakulelo qembu?

Uma usandakufakwa eqenjini, awukwazi ukubona imiyalezo emidala yakuleloqembu.

Kwenziwanjani uma ngifuna ukugcina imiyalezo yami yakudala?

Imilayezo igcinwa njalo emvakosuku oluphelele. Lokhu kwenzeka uma uxhumene ne-internet. Awukwazi ukuvula noma uvale ukugcinwa kwemiyalezo.

Uyakwazi kodwa ukwakha ugcino lemiyalezo entsha, uya kuzilungiselelo, uye kukugcinwa bese ukhetha ukugcinwa kwemiyalezo okusha. Lokhu uzoyigcina emafini imiyalezo yakho futhi uzokwazi ukuyithula noma inini.

Kumele wazi ukuthi imilayezo ayigcinwa phakathi efonini yakho, ngakho-ke uzohlezi udinga i-internet uma uzoyisebenzisa.

Ngiyakwazi yini ukuvumela amafayela ukuthi azingenele efonini yami?

Ukwethulwa kwamafayela ukuthi azingenele kusuke ucinyiwe. Uma ufuna ukuthi amafayela owathola kwa-Ayoba azingenele, uyakwazi ukuthi ukhethe ukuthi azithulekele wona uma engena kuwena.

Uma une-data limitation, siqhuqhuzele ukuthi uyiyeke ucinyiwe lento yokwethula kwamafayela.

Ukuxoxa nabantu abangekho kwa-Ayoba.

Ngiyakwazi yini ukukhuluma nabantu abangenayo i-Ayoba app?

Ukwazi ukuthumela imilayezo kunanoma ubani kwa-Ayoba, ngisho bengenayo i-app emafonini abo. Imilayezo ethunyelwe kubantu abanganayo i-app afika kubona njenge SMS.

Sixhumene noMTN, okusho ukuthi abantu bakwaMTN bayakwazi ukuphendula imiyalezo yabantu bakwa-Ayoba futhi bayiphendula mahhala ngeSMS ngisho bengenayo i-app emafonini abo. Abantu abangekho nakwaMTN bona bazowathola amaSMS kodwa ngeke bekwazi ukuphendula. Siyanxusa ukuthi labo bantu bejoyine kwaAyoba ku-Ayoba.me/download noma kuGoogle Play Store.

Ngiyakwazi yini ukufaka izinombolo zabangani noma bengenawo u-Ayoba?

Phezulu ngakwesokudla, lapha okuqalwa khona izinxoxo ezintsha, uzothinta khona ukhethe ukuthi kuvezwe wonke umuntu onenamba yakhe khona uzokwazi nokuthumela amaSMS kulabo abangenayo i-app yakwaAyoba.

Uma labo abangekho kwa-Ayoba sebekhetha ukwethula i-app, kuzozivelela ukuthi sebenayo futhi kuqale kuvele ama-status abo bephinde bekwazi ukusebenzisa uAyoba ngokugcwele.

Ngiyakwazi yini ukuthumela amafayela kubantu abangakayethuli i-app yakwaAyoba?

Uyakwazi ukuthumela imilayezo, izithombe, imiculo, amafayela nokunye kubantu abangenayo i-Ayoba app, kodwa labobantu bazothola i-SMS ene-link abazothula kuyo lezo zinto obathumele zona. Sicela wazi ukuthi ukuvula i-link kusebenza nge-data.

Ngisanda kuthola umyalezo ovela kwa-Ayoba, kodwa anginayo i-app, ngiyakwazi yini ukuvula lowo myalezo?

Uyakwazi ukuvula imiyalezo othunyelelwe yona, ngisho ungakabi nayo i-app.

Sixhumene noMTN, okusho ukuthi abantu bakwaMTN bayakwazi ukuphendula imiyalezo yabantu bakwa-Ayoba futhi bayiphendula mahhala ngeSMS ngisho bengenayo i-app emafonini abo. Abantu abangekho nakwaMTN bona bazowathola ama-SMS kodwa ngeke bekwazi ukuphendula. Siyanxusa ukuthi labo bantu bejoyine kwaAyoba ku-Ayoba.me/download noma kuGoogle Play Store.

Ukulawula Oxhumana Nabo

Bafakwa kanjani engixhumana nabo?

Yongeza inombolo yocingo olwimi lalabo oxhumana nabo. Uma ususungule inombolo entsha ungavula i-Ayoba app, ebese ucofa isithonja + somlayezo omusha bese ukhetha lowo ofisa ukuxhumana naye.

I-Ayoba app izobona ukuthi ngabe lowo oxhumana nabo usuvele ulayishe futhi ubhalise inombolo yabo yefoni ngeAyoba. Uma kungenjalo, bazovela njengoxhumana naye weSMS ngaphathi kwiAyoba.

Basuswa kanjani oxhumana nabo?

Ungasusa oxhumana nabo njengenjwayelo, ngokuthi uye ohlwini lalabo oxhumamana nabo ocingweni. Vula uhlu lokuxhumana locingo lwakho, thepa igama loxhumana naye bese ucofa imenyu ekhoneni eliphezulu lesandla sokudla. Khetha ukususa, ebese ukuqinisekisa ukususa kwakho.

Bavinjwa kanjani labo oxhumana nabo?

Ungabavimbela othina naye ngaphakathi kweAyoba ngokumane uxoxe bese uthayipha isithonjane semenyu ngakwesokudla kwesokudla. Khetha Block, bese uqinisekisa isenzo sakho. Uma usuvimbile othintana naye ngeke usakwazi ukuthola imilayezo noma okuqukethwe kusuka kulowo oxhumana naye futhi akakwazi ukubona isimo sakho. Uzokwazi ukubona othintana naye ohlwini lwakho lokuthintana nabo, kodwa uzobekwa “Blocked”. Uma ufisa ukuthumela nokuthola imilayezo kusuka oxhumana naye avinjelwe kuzodingeka uvule othintana naye.

Sifuna ukuqinisekisa ukuphepha kwakho ngaso sonke iskhathi, ngakho-ke sicela ubike noma yikuphi okuqukethwe okungalungile noma ukuziphatha kuAyoba.me/contact, noma ubheke kithi <Security FAQ section> lapha

Ngivimbela kanjani ukuxhumana okuvimbekile?

Ungavimbela othintana naye ovinjelwe ngaphambili ngokudala ingxoxo entsha usebenzisa isithonjana +, khetha oxhumana naye, sebenzisa imenyu ekhoneni eliphezulu ngakwesokudla bese uthepha Unblock, bese uqinisekisa isenzo sakho. Manje uzophinde ukhulume naye, lo oxhumana naye uzokwazi futhi ukuthumela imilayezo emisha bese uphendula imilayezo bese ubona isimo sakho.

Ngenza kanjani ucingo lwezwi kuAyoba?

Ungenza izingcingo zezwi kusukela kuAyoba app kuya kunoma yikuphi oxhumana nabo beAyoba. Ikholi izokhokhiswa njengekholi yezwi ejwayelekile bese isebenzisa isikhathi sakho se airtime etholakalayo noma imizuzu etholakalayo. Okubalulekile, ukwenza ucingo ngaphakathi kwi-App akusebenzisi ama-data futhi akuyona mahhala. Ukwenza ikholi usebenzisa i-Ayoba, thepa + (isithonja ‘dala ingxoxo’) bese uthepa isthonjana sefoni ukwenza ikholi yezwi.